BUKA: UZuma ujabulise okwakuthiwa uzofa eno-14 ubudala

2017-03-24 14:01

Johannesburg - Kufeze esinye sezifiso zika-Ontlametse Phalatse ngoLwesine ngesikhathi ehlangana noMengameli Jacob Zuma.

U-Ontlametse wayenesifiso sokuhlangana noMengameli ngaphambi kokuba ahlanganise iminyaka engu-18 ubudala, ngoMashi 25.

Odokotela babeqagule ukuthi le ngane ngeke idlule eminyakeni engu-14 ubudala isaphila.

Izolo, ugcine elitholile ithuba lokuvakashela uMengameli emzini wakhe oseTshwane, eMahlamba Ndlopfu.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe umsolwa ngokubulawa kwephoyisa eFolweni

UMengameli Zuma umangaze u-Ontlametse ngezimbali nangekhekhe abalisike ndawonye.

U-Ontlametse ungenye yezingane zamantombazane aseNingizimu Afrika aphila nesifo iProgeria, okuyisifo esingajwayelekile esenza ukuba umuntu abukeke sengathi ugugile nakuba eseyingane.

U-Ontlametse waphothula umatikuletsheni wakhe ngo-2016.

Buka i-video ngezansi:


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...