BUKA: Uzilahle phansi umama wesisulu ecaleni likamfundisi lokudlwengula

2017-08-24 19:27

Johannesburg - Lihlehlisiwe icala lomphrofethi oneminyaka engu-32 ubudala osolwa ngokudlwengula kulandela ukuvela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseLenyenye ebigcwele phama namuhla ekuseni, eLimpopo, kubika iLetaba Herald.

Le ndoda isolwa ngokudlwengula amantombazane amane, abekhonza ebandleni layo eBurgesdorp Vilalage ngaphandle kwaseTzaneen.

Iminyaka yala mantombazane iphakathi kwengu-12 nengu-16 ubudala.

Izakhamuzi nabazalwane bafike ngobuningi babo bezokweseka izisulu, abanye babazalwane bethi bazoyeka ukukhonza kuleli bandla.

Omunye wabazali bezisulu akakwazanga ukuzibamba indlela abezizwa ngayo, njengoba ethi ubethembile lo mphrofethi ngengane yakhe.

"Kusukela namuhla angisesilo ilungu lebandla, asikwazi ukuyekela abantu ukuthi badicilele phansi igama likaNkulunkulu," kusho omunye umzalwane obeyilungu lebandla lalo mfundisi.

UMphrofethi uCollen Monyela weFire Prophetic Church uzophinde avele enkantolo ngomhlaka-29 Agasti ukuze ezofaka isicelo sebheyili.

 - IVIDEO:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...