BUKA: Usutholakele umsuka we-Listeriosis – kusho uMnyango wezeMpilo

2018-03-05 08:00

Cape Town – Usuhogeliwe umsolwa wesifo i-listeriosis, lokhu kuvezwe wuMnyango wezeMpilo ngeSonto.

Okhulumela lomnyango uPopo Maja usho lokhu esithangamini sabezindaba esikhungweni se-National Institute of Communicable Diseases.

"Ngemuva kophenyo olunzulu nokusebenza ngokuzikhandla kwabacwaningi ukuze kutholakale amaqiniso ngomsuka wesifo i-listeriosis outbreak, uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi uzoveza kabanzi ngezinyathelo ezithathwe wuhulumeni ukunqanda lesi sifo.

OLUNYE UDABA:Isifo iListeriosis sesibulale abantu abangu-172 kuleli - NICD

Lo mnyango ubuye waxwayisa umphakathi ukuba ugweme ukudla okufika sekulungele ukudliwa.

Lokhu kudla kufana no-polony, amasoseji, nokunye okufanayo futhi abantu kumele baqinisekise ukuthi ababi nakho lokhu kudla kwiziqandisi zabo futhi bagweme ukuthenga izinto ezifana nama-kota kanye nokudla okufika kuthakwe ngalezi zinto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 13-21°C Scattered tstorms late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...