BUKA: Usephenduke undabuzekwayo umrepha oveze ' induku' eshobinga

2017-10-30 14:02

Johannesburg - Umrepha wakuleli u-Emtee uwundabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuveza bukhoma "induku" yakhe eshobinga.

Kwi-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana, lesi sihlabani seculo elithi Manando sibonakala sichitha amanzi endlini encane sibe senza i-video evezela abalandeli bakhe ku-Instagram konke okwenzekayo bukhoma, kodwa sibe sesiveza umphambili waso ngephutha.

Lo mrepha uqale wadideka ngesikhathi esebona ukuphawula kwabantu nge-video yakhe, ngokuphazima kweso ube esebona ukuthi yini le ebangisa abantu umsindo wase egxilisa iselula yakhe ebusweni bakhe njengoba ebeqopha ngayo le video. Kodwa ngeshwa umonakalo ubudalekile, kanti njengamanje uTwitter uyachwaza njengoba wonke umuntu ekhuluma ngalesi senzo salo mrepha.

Konke lokhu kwenzeka nje kudlala iculo likaSfiso Ncwane ongasekho emhlabeni, elithi Favour is My Name.

UCassper Nyovest naye uphawulile ngale video wathi ubehlele ukukhipha i-video yeculo lakhe kodwa ngeke asakwenza lokho ngoba sekukuningi osekubonakele.

 - IVIDEO:

 - TWITTER:

 - The Citizen

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...