BUKA: Uphenduke ihlaya obefaka uphethiloli ka-R3.50

2017-09-07 19:29

Johannesburg - Kuzungeza ivideo enkundleni yezokuxhumana etshengisa indoda ihlaza enye egaraji.

Kule video, kufika indoda ehamba ngemoto yohlobo lwe-Golf emhlophe egaraji ifike ithele uphethiloli ka-R3.50.

Amadoda abesegaraji awakukholwanga abekubona, abe esethatha i-video yale ndoda, eyiveza ubuso kodwa ibilokhu icasha, kucaca nje ukuthi ihlazekile.

Enye indoda ebingakholwa ebikubona ngamehlo ayo izwakale ikhuluma isiBhunu ithi: "Usefaka uphethiloli manje. Asibheke ukuthi uzofaka malini.

"Jesu! uphethiloli ka-R3.50, hhayi bo Nkulunkulu, ndoda. Uhlezi uyahleka, doti."

Lo mshayeli ube esehleka, afihle ubuso bakhe ngengalo.

 - IVIDEO:

 - The Citizen

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...