BUKA: Unyanyavu lwe-BMW lusha ubuhanguhangu ku-N2

2017-08-24 11:00

Cape Town – Sekuvele i-video yemoto yohlobo lwe-BMW ebisha ubuhanguhangu emgwaqeni uRaapenberg Road, ku-N2, ePinelands, eCape Town.

I-webiste enguzakwabo weZindaba24, iTraveller24, ibone kancane le moto ebisha ngaku-N2.

Ingxenye engemuva yale BMW kubukeka sengathi iyona eshe kuqala ngaphambi kokuba umlilo ushise imoto yonke.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Sekuphinde kwasha enye iFord Kuga kuleli

Kwisiqeshana se-video emfushane, ibhonethi yale moto emnyama iyabonakala ivulekile njengoba abashayeli bebema ukuze babone lo mlilo.

Abezimo eziphuthumayo eWestern Cape bathi akekho olimele kulesi sigameko kodwa imininingwane ngembangela yomlilo ibingakaziwa okwamanje. 

- Wheels24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...