BUKA: Unesi 'ehlukumeza' isiguli esibhedlela esisePinetown

2017-11-08 14:00

Durban - Owesifazane oneminyaka engu-30 ubudala othathe ivideo kanesi wasesibhedlela iSt Mary's osolwa ngokuhlukumeza isiguli esishone ngemuva kwesikhashana, uthi asidluli isithombe sesIdumbu salesi sisuguli engqondweni yakhe.

Lo wesifazane ushone ekuseni ngemuva kosuku kwenzeke lesi sigameko.

"Njalo uma ngivala amehlo, ngiyamubona. Isidumbu sakhe sihlale egumbini lethu isikhathi eside ngemuva kokuba eshonile," esho etshela iTimesLive.

Lo wesifazane ucele ukuphuma esibhedlela esisePinetown ngaphandle kwaseThekwini ngoLwesibili ngemuva kokushona kwalesi siguli wabe esesabalalisa le video enkundleni yezokuxhumana uFacebook, "ukusiza ezinye iziguli".

Akafunanga ukudalula igama lakhe ngoba useke wasatshiswa ngokubulawa.

I-video, esisabalale ezinkundleni zokuxhumana, itshengisa unesi etshela isiguli esengasakwazi kuzenzela lutho ukuba sivuke sisebenzise ipowa ukuzikhulula.

Le video idale uqhekeko ezinkundleni zokuxhumana njengoba abanye bekholelwa ekutheni ubesikhuthaza isiguli kanti abanye bebesabisa lo wesifazane ofake le video enkundleni yezokuxhumana.

UMnyango wezeMpilo KweZulu-Natal uthe uzobhekana nalezi zinsolo ezimayelana nalo nesi ngoLwesithathu.

 - Ivideo:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...