BUKA: UGigaba akanalo ilungelo lokukhuluma ngemali bayakhokhi bentela - EFF

2017-10-25 18:00

Cape Town - I-Economic Freedom Fighters ichaze uNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba njengencelebane yomndeni wakwaGupta yathi ngokwayo ayimthathi njengongqongqoshe.

Lokhu leli qembu likusho ngemuva kokuba liphume ePhalamende laduba inkulumo kaGigaba.

UGigaba uthe ezokwethula isabelomali sakhe sokuqala wabingelelwa wukuxokozela obekuqhamuka emabhentshini e-EFF esiShayamthetho sikazwelonke ngoLwesithathu.

Ngemuva kokuqophisana ngamazwi noSomlomo wePhalamende uBaleka Mbete, i-EFF yakhetha ukuphuma ngaphambi kokuba uGigaba agibele ebhokisini.

UMbete uqale wayalela ilungu le-EFF uMbuyiseni Ndlozi ukuba aphume ePhalamende ngemuva kokusola uGigaba ngokuba "ngungqongqoshe onenkohlakalo" noyi"ncelebane yakwaGupta".

OLUNYE UDABA: Ukuhlinzeka ngemfundo yamahhala kungadala ukushoda kwemali - Gigaba

Ekhuluma ezitebhisini sasePoorthuis, uShivambu utshele izintatheli ukuthi ngokwabo abamthathi njengongqongqoshe uGigaba ngoba uyisicashalala sakwaGupta.

"Asibathathi laba njengongqongqoshe noma amalungu akhethwe ngokusemthethweni ukusebenzela uhulumeni. Kithina bangabantu abayingxenye yenkohlakalo eqhubeka eNingizimu Afrika.

"Ngokwethu uMalusi Gigaba akasiyena ungqongqoshe wezezimali kuleli. Ungungqongqoshe wamaGupta. Yingakho sithe namhlanje ePhalamende ngeke sikwazi ukuvumela uGigaba akhulume ngemali yabakhokhi bentela."

UShivambu uthe uGigaba akazi lutho ngentela ngaphandle "kokukhiphela abakwaGupta imali".

Buka nansi i-video ngezansi:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...