BUKA: Sifike kwezwakala isishingishane eMozambique, iKZN imincile

2017-02-16 11:05

Cape Town – Sebemi ngomumo abezimo zenhlekelele eKruger National Park kanye nasesifundazweni iKwaZulu-Natal (KZN) kulindeleke isishingishane ebesilokhu sibikezelwa, uDineo.

Lesi sishingishane kulindeleke ukuba size nemvula enkulu eLimpopo kanye naseKZN ngempelasonto.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu Natali, uNomusa Dube-Ncube, usenxuse imiphakathi esezindaweni ezisenyakatho nesifundazwe ukuthi ihlale iqaphile, wathi kumele izithathele phezulu izexwayiso.

OLUNYE UDABA: Buka: Ngabe wayebukhile yini uNgqongqoshe kwi-SONA?

UNgqongqoshe uthi inhloso yalesi sexwayiso akukhona ukwenza abantu bathuke, kodwa kuwukuthi bazi ngesimo esingase senzeke.

Khonamanjalo, izangoma zezulu, abakwaSA Weather Service (SAWS), bayichithile imibiko yokuthi u-“Deneo” uzoshiya kukhalwa e-Eastern Cape, bathi angeke aze abe namthelela otheni kulesi sifundazwe.

NgoLwesihlanu kulindeleke ukuthi liyishaye kakhulu imvula eLimpopo kanye naseKruger National Park.

 


- Traveller24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuvalwe isikole kubhikisha abafundi

Emizuzwini eyi-40 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 17-25°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-21°C Mostly cloudy. Mild. Bloem: 12-26°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...