BUKA: Sesifikile ekhaya isidumbu seqhawekazi uWinnie Madikizela-Mandela

2018-04-13 17:04

eThekwini - Kuvalwe imigwaqo elokishini laseSoweto namuhla kanti nakusasa kuzobe kuyileso njengoba kuzongcwatshwa iqhawekazi lakuleli uWinnie Madikizela-Mandela.

Isidumbu sikaWinnie Madikizela-Mandela esihanjiswa ngabeKupane Funeral Home sibheke ekhaya lakhe elise-Orlando West, Soweto.

Kugcwele mfi kuleli khaya njengoba abaholi bezombusazwe bamaqembu ahlukahlukene kanye nosaziwayo sebefikile kuleli khaya bezokwamukela umzimba kamama kanye nokuzokhalisana nalo mndeni.

Kusanda kubonakala nomlingisi waphesheya oke wadlala indawo kaMandela emafilimini u-Idris Alba obonakale eseduze komndeni naye uzobhonga emswaneni njengoba izobekwa le ndlovukazi ngale mpelasonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...