Buka: Owesimame uthole imamba embhedeni wakhe - eThekwini

2017-02-02 18:01

Durban – Owesimame waseDurban North uthuke woma ethola inyoka yohlobo lwemamba embhedini wakhe.

Ngokwemibiko yephephandaba i-Northglen News uphaphame kunenyoka eduze kwakhe.

Uthi uqale wacabanga ukuthi yiphupho elibi, kodwa uthe uma eseyibukisisa kahle wabona ukuthi inyoka yangempela.

Lo mama ubize owesilisa osebenza njengomuntu obamba izinyoka ukuba azoyithatha.

“Bengicabanga ukuthi ngibizelwe inyoka yehlathi encanyana, ngimangale kabi ngibona imamba.

Ngokusho kwalo mama le nyoka ibilele eduze kwesibuko kodwa yajike  yanyamalala,” kusho uJason Arnold.

OLUNYE UDABA:Uzame ukugaya inyoka ngomshini wokuwasha

Lo mlisa uthi into ethusayo wukuthi le nyoka ibilokhu isegumbini lalo mama lokulala kodwa ayizange imlume.

“Ngithe ngifika ngayithola iphezu kwe-headboard khona egumbini lokulala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...