BUKA: Owesilisa uphucwe imoto waphonswa eweni e-KZN

2017-09-20 16:00

Kloof - Owesilisa uthi udunwe imoto yakhe wase etshingwa eweni elingamamitha angu-60 ubude eKloof Gorge, ngaphandle kweTheku.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iHighway Mail lo mlisa utakulwe ngoLwesithathu ekuseni.

AbeRescuetech Search and Rescue bathole umbiko ovela kwinhlangano eqapha umphakathi waseKloof ngo-03:30 ekuseni ibika ngowesilisa omemezayo efuna usizo eKloof Gorge.

OLUNYE UDABA:Kulimale unogada kubanjwa inkunzi imoto yemali eThekwini

“Siphuthume saya kule ndawo sathola inhlangano eqapha umphakathi kanye nonogada benkampani iBlue Security nokuyibona abasikhombise ukuthi lo mlisa ungakuphi.

“Abatakuli ababili behlele ngezansi ngezintambo bezama ukutakula lo mlisa otholakale elimele kabi,” kusho abeRescuetech Search and Rescue ekhasini labo laku-Facebook.

Okhulumela inkampani yonogada u-Andreas Mathios uthe le ndoda ibiboshwe izandla, ziboshelwe ngemuva.

“Ithe idunwe imoto ebusuku ngo-20:30 ngoLwesibili, abasolwa bayithatha bayitshinga lapha,” kusho yena.

Amaphoyisa aseHillcrest ayaphenya ngalesi sigameko.

Buka nansi i-video ngezansi:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...