BUKA: Owesilisa ubanjwe inkunzi ephuma ebhange

2017-09-12 07:05

Port Elizabeth – Indoda eneminyaka engu-54 ubudala ibanjwe inkunzi isamba semali ngaphandle kwasebhange e-Uitenhage, ngaphandle kwasePort Elizabeth, ngoMsombuluko ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Gerda Swart, uthe isigameko senzeke ngezithuba zabo-11:15.

USwart uthe isisulu sihlaselwe yindoda engaziwa yasisabisa ngesibhamu.

"Umsolwa ubaleke nesikhwama sesisulu, weqa umgwaqo waya ngalapho obekupake khona imoto yohlovo lwe-VW Caddy emhlophe," esho.

OLUNYE UDABA:Usale ethukile uthisha obanjwe inkunzi emagcekeni esikole

USwart akakwazanga ukuqinisekisa imiboko yangaphambilini yokuthi le ndoda iphucwe imali engu-R400 000.

Kwi-video ezungezayo ezinkundleni zokuxhumana, imoto emhlophe obekubalekwa ngayo izame ukuhlehlela emuva ithi iyabaleka endaweni yesigameko.

Ngemuva kwemizuzu embalwa, kuqhamuka imoto yohlobo lwe-Volkswagen Amarok emhlophe, yesihlobo sesisulu, yashayisa eyomsolwa.

Umsolwa ube esephuma emotweni wabaleka ngezinywao, wajahwa yisihlobo.

Umsolwa ube esengena emotweni ebomvu yohlobo lwe-VW Polo, abaleke ngayo.

USwart uthe asiqhumanga isibhamu futhi akekho olimalile.

Uthe uphenyo lwakamuva luveza ukuthi imoto yohlobo lwe-VW Caddy ibidunwe endaweni yaKwaNobuhle ngomhlaka-5 Septhemba nonyaka.

Buka i-video ngezansi:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...