BUKA: Owesilisa ezenza okhubazekile ngoba efuna imali emgwaqeni

2017-09-12 19:29

Johannesburg - Kuzungeza i-video ezinkundleni zokuxhumana etshengisa indoda izenza umuntu okhubazekile ukuze izokwazi ukuthola imali emgwaqeni.

Lokhu sekuholele ekutheni kube nenkulumompikiswano ezinkundeni zokuxhumana, abanye bethi lesi yisona sizathu esibenza ukuba bangabaniki lutho abantu abasuke bekhangeza kubo emgwaqeni, ngoba bekholwa wukuthi abantu abakhubazekile abacela imali emgwaqeni bangamaqola, kubika iRekord Centurion.

Le video yaqoshwa eKapa iveza indoda ishintsha indlela yokuhamba, igoqa imilenze nezandla izenza okhubazekile.

Le ndoda izwakale kule video ithi "ingumpetha emhlabeni jikelele".

Ngokusho kocwaningo lwabeSolidarity Helping Hand, iningi labantu abacela imali emgwaqeni abagcini ngokuyisebenzisa ukudla izidakamizwa kodwa baphinde banqabe amathuba emisebenzi uma bewanikwa.

"Imali engu-20% kwabanikwa yona ingena ekudleni bese eningi esalayo ichithwa kwizidakamizwa," kusho uNicolien Welthagen wabe-SHH.

 - IVIDEO:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...