BUKA: Owesilisa edutshulwa ngabasolwa abebefuna iTV

2017-12-18 14:00

eGoli - Usesimweni esibucayi owesilisa waseGoli ngemuva kokudutshulwa ekhanda nasesandleni. Lokhu kwenzeke esigamekweni sokuphanga ngeSonto ebusuku emzini oseFlorida.

AbeTimesLive bathole i-video etshengisa konke okwenzeke ngesikhathi kuhlaselwa kulo muzi.

OLUNYE UDABA:Kuyaphenywa kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesilisa eRabie Ridge

Kule video kubonakala amadoda amabili egqekeza kulo muzi sekugamenxe ihora lesishiyagalolunye ebusuku. Owesifazane obehlezi nengane ubonakale ebaleka nayo beya kwelinye igumbu ngesikhathi behlaselwa.

Kusenjalo, kubonakale isigebengu sizama ukuhluthula umabonakude ubugaxwe odongeni. Kuphinde kubonakale owesilisa egijima ezongena kuleli gumbi, abasolwa bese bevulela ngenhlamvu.

Abasolwa bahlasele lo mlisa bamdudulela kwelinye igumbi okubalekele kulo owesifazane nengane.

Abe-ER24 bafike endaweni yesigameko bahlenga lo wesilisa kanye nowesifazane ngaphambi kokubaphuthumisa esibhedlela.

  

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...