Buka: Owesifazane ehlukumeza ingane

2017-09-19 17:59

Johannesburg - Sekuvele ivideo eshaqisayo ezinkundleni zokuxhumana etshengisa owesifazane osebenza emzini womuntu, ehlukumeza ingane encane.

Lo wesifazane ubonakala ejikijela le ngane embhedeni wayo wezingane.

Ngemuva kokuphosa le ngane embhedeni, ingane ibe isikhala kakhulu lo wesifazane aziqhubekele nomsebenzi wakhe wasendlini.

Kusolwa ukuthi lesi sehlakalo senzeke eNamibia, lokhu kungokusho kwekhasi le-News, Accidents, Robberies & Incidents lakuFacebook.

Ngokwaleli khasi, lo wesifazane waboshwa ngesonto eledlule ngecala lokuzama ukubulala waze wavela nasenkantolo. Icala lakhe lihlehliselwe inyanga ngo-Okthoba.

 - IVIDEO:

 - Daily Sun

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...