BUKA: Owe-EFF ehlasela intatheli

2018-03-20 12:29

Cape Town - ISekela likaMengameli we-Economic Freedom Fighter (EFF) uFloyd Shivambu uhlasele intatheli yaseKapa ngaphandle kwasePhalamende namuhla (ngoLwesibili).

U-Adrian de Kock, oyintatheli yeNetwerk24 esebenza ngokushutha, iklinyiwe yaphinde yashawa ebusweni ngesikhathi isondela kuShivambu icela ukuzwa uvo lwakhe ngodaba lweMeya yaseKapa uPatricia de Lille.

Ukuqondiswa izigwegwe kukaDe Lille bekubanjelwe ePhalamende namhlanje.

OLUNYE UDABA:Kushaywe intatheli yaphucwa ikhamera embhikishweni

UDe Kock uthi uye kuShivambu ngenhloso yokuzwa ukuphawula kwakhe ngodaba lukaDe Lille kodwa waphushelwa eceleni.

UShivambu ududule uDe Kock phambi kwezinye izintatheli nabasebenzi basePhalamende, ngokwezithombe zale video.

Kube sekuqubuka ingxabano phakathi kukaDeKock noShivambu okuthe ngemuva kwesikhashana wabonakala esehamba ngesikhathi sekuqhamuka ezinye izintatheli.

UShivambu ube esehamba eyongena ngaphakathi ngemuva kokulanyulelwa.

Lolu wudaba oluqhubekayo.

 - Twitter:

 - iol

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C a few tstorms. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...