BUKA: OwaseMlazi ushone ebukisa ngekhono lakhe lokuba yisigora

2017-08-11 14:05

Durban – Owesilisa waseMlazi oyi-Junior World Champion Bodybuilder ubenekusasa eliqhakazile kodwa konke lokho kushabalale emcimbini we-bodybuilding elokishini langakubo.

USifiso Lungelo Thabethe, 23, ushone efika esibhedlela ngomhlaka 5 Agasti ngemuva kokuwa ehholweni lomphakathi kwa-D eMlazi nokuyilapho ebekubanjelwe khona lo mcimbi.

Kule video ebonisa okwenzekile nokuholele ekulimaleni kukaThabethe ibonisa lo mlisa elula amamasela ebonisa izakhamuzi lokhu adume ngakho ngesikhathi kumenyezwa igama lakhe.

OLUNYE UDABA:Umbono: "Angikholwa ukuthi uMathe ushonile"

Lo mlisa ugxume wazama ukushaya i-backfall kodwa washaya ngekhanda phansi walimala.

Amadoda ambalwa azamile ukumsiza kodwa kwabonakala ukuthi ulimale kabi.

"Uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho efike ashonela khona," kusho uColonel Thembeka Mbhele okhulumela amaphoyisa.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...