Buka: Ngabe wayebukhile yini uNgqongqoshe kwi-SONA?

2017-02-14 19:32

Johannesburg - Kuzungeza i-video ezinkundleni zokuxhumana kaMengameli we-ANC Women's League (ANCWL) uBathabile Dlamini eshiye iningi lizibuza ukuthi ngabe ubecwile ezinkambini zikaFaro yini ngesikhathi uMengameli Jacob Zuma ethula inkulumo yesizwe i-State of the Nation ePhalamende ngoLwesine olwedlule.

Le video esatshalaliswe kuFacebook nguLux Gadl'land, isibukwe ngabantu abangaphezu kwabangu-200 000, abanye bethuka kanti abanye bephawula bethi ungqongqoshe ubukeka ephuzile.

OLUNYE UDABA: Masizithibe kwezikaFaro – Dlamini

Kule video, uDlamini uvela ebuzwa imibuzo yintatheli, ehlafuna ushingamu, aphinde azame nokuvala amehlo.

Yize iningi lithi ubukeka ephuze amanzi amponjwana abanye bathi ubukeka engumuntu okhathele noma ogulayo.

Ngenyanga ephelile uDlamini waba ngundabamlonyeni ngemuva kwezinsolo zokuthi wakhuluma nomphakathi emcimbini edle amanzi amponjwana.

Abantu ababekulo mcimbi bathi ungqongqoshe wayengakwazi ukuma nokuhlala kahle phansi njengoba ayezimelela ngenduku yombhobho wokukhuluma.

Ngemuva kwezinsolo, uLumka Oliphant okhulumela ungqongqoshe wavikela umphathi wakhe enkundleni yezokuxhumana uFacebook wathi: "Ungqongqoshe akabuthinti utshwala, empeleni uyabuzonda. Ukube kuya ngaye ngabe abuphuzwa nhlobo eNingizimu Afrika."

I-ANCWL nayo yayigxeka imibiko yathi, inobufakazi be-video eyaqoshwa ngosuku lomcimbi etshengisa ukuthi uDlamini wayengumqemane waze waphela umcimbi.

IVIDEO:

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...