BUKA: Ngabe abantu abansundu bafuna ukuhlala beyiziduphunga

2018-01-23 18:02

eThekwini - Izungeza ezinkundleni zokuxhumana ivideo kathisha ebuza bafundi umbuzo ocwasa abantu abansundu.

Uthisha ubuze abafundi bakhe ekilasini ukuthi ngabe abantu abansundu bafuna ukuhlala beyiziduphunga na?

Le video ifakwe ngu-@Mpoww_D  enkundleni uTwitter.

Uthe lo thisha ofundisa iSocial Science kwiBanga 9 esikoleni saseRandburg eGoli ukhuluma nabafundi ngendlela ebacwasayo.

OLUNYE UDABA:Akatholakalanga ephawula omiselwe ukucwasa kuFacebook

"Udadewethu ubuye ekhaya ngosuku lokuqala esikoleni wakhala ngalo thisha. Ubekhala futhi ecela ukushintshwa eyofakwa kwesinye isikole.

"Ngimtshele ukuthi athathe ivideo ngokuzayo sizobona ukuthi yini le emkhalisayo ngalo thisha. Ngokusho kwakhe, kuvele kwaba muncu ekilasini ngemuva kokuba uthisha asho lezi zinto," kusho yena.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...