BUKA: Nayi intokazi efanelwe wukudlala indawo kaBrenda Fassie

2018-01-12 18:06

eThekwini - Kushukume izinkundla zokuxhumana kubonakala isithombe sowesimame ofana ncamashi nomculi osewashona uBrenda Fassie.

Lesi sithombe salo wesimame esifakwe ezinkundleni zokuxhumana ngowesilisa othi usebenza naye sithuse abaningi.

" Hhaybo, wuBrenda phela lo," kusho abantu kuTwitter bebona lentokazi.

Igama likaBrenda Fassie lisematheni kulezi zinsuku njengoba kusanda kuvela izindaba zokuthi kuzokwenziwa ifilimu ngalo mculi odume umhlaba wonke.

OLUNYE UDABA:'Angazi kungani abantu begudla iguma, amanyala amanyala nje kwaphela,' kusho usomahlaya

Ngokusho kwendodana yakhe uBongani Fassie, konke sekumi ngomumo ukuba kuqale umsebenzi wokukhetha abantu abafanelekile abazolingisa kule filimu.

Ngesikhathi enengxoxo nabe-eNca, uBongani uthe abalingisi abazobe bedlala kule filimu kuzobe kungabantu bakuleli kuphela.

Njengoba kungakaqondakali ukuthi ngubani ozobe elingisa, abantu bathathele ezinkundleni zokuxhumana ukubonisa intshisekelo yokuba yingxenye yale filimu.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...