BUKA: Lisobishini iphoyisa elibanjwe lilele emsebenzini

2017-10-06 12:30

Mbombela – Lisobishini iphoyisa laseMpumalanga ngemuva kokusabalala kwevideo elitshengisa lilele emsebenzini esiteshini samaphoyisa aKwaMhlanga.

Kule video eyimizuzu engu-45 ubude ezungeza ezinkundleni zokuxhumana, leli phoyisa isibongo salo nokungelakwaPhaka - ngokwesigqebhezana salo esisejezini - libonakala lilele obude ubuthongo, amalungu omphakathi elinde ukusizwa.

Kuzwakala owesifazane ethi "ulele". Yena futhi lo wesifazane uphinde ezwakale ethi "udakiwe".

OLUNYE UDABA:BUKA: Iphoyisa lihuqa ubuthongo emsebenzini

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Leonard Hlathi ngoLwesine, uthe uKhomishana wamaPhoyisa aseMpumalanga uLieutenant-General Mondli Zuma useyazi ngodaba futhi udumele ngale video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana eveza leli phoyise lilele emsebenzini.

"Leli phoyisa libonakala lilele esihlalweni alizwa ngisho nomsindo owenziwa ngozakwabo kanjalo namalungu omphakathi afike esiteshini.

"Uphenyo lwakamuva luveza ukuthi isigameko senzeke esiteshini samaphoyisa aKwaMhlanga," kusho uHlathi esitatimendeni.

UHlathi uthe uZuma uqinisekise umphakathi ukuthi lolu daba uzolusukumela.

UHlathi uthe lolu daba luzophenywa. 

 - IVIDEO:



- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...