BUKA: Kuxwayiswa ngezikhukhula njengoba liqhubeka nokuyidliva ezingxenyeni zezwe

2018-03-22 14:05

Johannesburg - Ithimba lezinhlekelele eMkhandlwini waseGoli selixwayise izakhamuzi ngezikhukhula ezingase zibe khona ngoLwesine nangoLwesihlanu ngenxa yemvula enamandla.

Okhulumela ithimba uRobert Mulaudzi uthe "bazosiqapha ngeso lokhozi" isimo ukuqinisekisa ukuthi abezimo eziphuthumayo basukumela phezulu uma kunesidingo.

"Sizobe siqaphe kakhulu imijondolo engu-189 kuleli dolobha, njengoba sazi sonke ukuthi yiyo ethikamezeka kakhulu uma kunezikhukhula ngenxa yokuthi iningi layo yakhiwe ngasemifuleni," esho.

UMulaudzi unxuse izingane ukuba zingadlaleli ngasemapayipini nangasemifuleni ngenxa yobungozi bezikhukhula.

ISouth African Weather Service ikhiphe isexwayiso ezindaweni ezimaphakathi nezwe njengoba lizoqhubeka nokuyidliva kulezi zinsuku ezimbili ezizayo.

Izikhukhula zilindeleke ezingxenyeni zeFree State, North West, Gauteng, Mpumalanga naKwaZulu-Natal.

VIDEO:


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...