BUKA: Kuvalwe imigwaqo ‘kuvinjezelwa’ abasebenzi kwa-Cash Crusaders edolobheni

2017-07-05 14:02

Cape Town – Kuvalwe imigwaqo eseduze nesitolo esidumile sakwaCash Crusaders enkabeni yedolobha iKapa ngoLwesithathu ntambama esigamekweni okusolakala ukuthi ngesokuthumba.

Yize noma amaphoyisa aseWestern Cape kusalindeleke ukuthi akhiphe imininingwane, kukholakala ukuthi abaphangi abahlomile bangene esitolo maqede bangabe besabavumela abasebenzi ukuthi baphume.

Amaphoyisa asendaweni yesigameko atshele intatheli yeNews24 ukuthi abekho abantu asebeboshiwe okwamanje.

OLUNYE UDABA: Kushone abangu-7 kuqubuka umlilo ebhilidini eGoli

Kubonakale intuthu iqhamuka ngaphakathi esitolo. Iloli lezicimamlilo libe selifika endaweni yesigameko esikhathini esingengakanani kuqubuke le ntuthu.

Oyimenenja yonogada eCentral City Improvement District, uMo Hendricks, uthe ithimba leSAPS liyabhekana nalolu daba.

Uthe i-CCID ibilekelela ngokuvala yonke indawo eseduzane emphakathini.

Imigwaqo ethintekile uLong, uStrand, uLoop, uCastle kanye noRiebeek.  

“Sifuna ukwakha indawo ephephile eduze nendawo yesigameko ngoba uma umsolwa ephuma, angase azihlanganise nabantu,” usho kanje.

Bafuna nokuthi amalungu omphakathi aqhelele ebangeni eliphephile uma kukhona okwenzekayo.

Amaphoyisa kamasipala asendaweni yesigameko ukulawula izimoto.

Lolu wudaba oluqhubekayo. 

 Imigwaqo uStrand street kanye noLong street kuyimanje ivaliwe njengoba kuqhubeka isigameko sokuthunjwa esitolo sakwa-Cash Crusaders. (James de Villiers, News24)




- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...