BUKA: Kuthungathwa abagebenge imoto yemali ku-N4 ePitoli

2018-02-23 14:00

Pretoria - Amaphoyisa aseTshwane aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa abahlasele imoto yemali.

Kuthiwa iqulu lamadoda ahlomile lidubule imoto yemali yakwa-G4S ngoLwesihlanu ekuseni e-Orchards, ePitoli.

"Abasolwa bavulele ngenhlamvu beshaya kakhulu amasondo ale moto kwaze kwaba wukuthi umshayeli uyahluleka ukuyilawula.

"Bayalele onogada ukuba baphume evenini," kusho okhulumela amaphoyisa uConstable Matsobane Mabusela.

OLUNYE UDABA:IMeya isebenzise igama lomshana ukuthola ithenda - uBuhlebezwe

Lesi sigameko senzeke ekuseni ngo-08:50 ngoLwesihlanu.

UMabusela uthi abasolwa basebenzise iziqhumane ukuvula isisefo esihlala imali, babaleka nesamba semali esingadalulwanga.

Kuthwa bebephethe ama-rifles kanti futhi babaleke ngezimoto ezimbili zohlobo lwe-Audi.

Onogada be-G4S abazange balimale kulesi sigameko.

VIDEO:

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C a few tstorms. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...