Buka: Kutholwe ingane kuphastiki kadoti

2017-09-22 19:30

Durban - "Ngafikelwa ukukhulu ukujabula ngithola ukuthi ingane iyaphila, ilele kamnandi, engutsheni yayo yokulala ephuzi. Ngahluleka ukuqonda ukuthi ubani ongenza into efana nale kule ngilosi," kusho uNoxolo Gumede.

Lesi sitshudeni esineminyaka engu-23 ubudala saseMgungundlovu sasiphuma endlini yaso siya ebhasini nomngani waso ngesikhathi sibona uplastiki kadoti eceleni komgwaqo.

Ngaphakathi kulo plastiki kwakulunguza ingubo yokulala ephuzi.

OLUNYE UDABA:Kutholwe usana kuplastiki kadoti

"Ngavele ngacabanag ukuthi ubani ongalahla ingubo esasesimeni esikahle njenga le," usho njalo eqhuba.

Ngesikhathi ezama ukuyithatha le ngubo, wezwa kusinda, wavele wesaba ukubuka ukuthi kukhonani ngaphakathi. Wabe esewela umgwaqo eyocela usizo konogada. Onogada babe sebewela beqonde kulo plastiki, kodwa nabo besaba ukuwuvula.

UGumede wabe esequnga isibindi wawuvula lo plastiki, wathola ingajne ngaphakathi.

Lesi sitshudeni savele sayithanda le ngane yentombazane, sayigona sabe sesiyetha igama elithi "Nkanyezi".

UGumede wayazi ukuthi nakuba efisa ukuyigcina le ngane kwakudingeka ukuba ayinike iziphathimandla.

UGumede nonogada bathatha le ngane bayihambisa esiteshini samaphoyisa aseBerea eThekwini, lapho okwavulwa khona icala kwatbhalwa nezitatimende.

Sonke lesi sikhathi, uGumede ugonene noNkanyezi, wathatha naye izithombe wazifaka enkundleni yezokuxhumana iFaceBook.

"Amaphoyisa alokhu engishayela ucingo engazisa ukuthi kuqhubekani ngengane...ingane yaphuthunyiswa esibhedlela iyohlolwa kwatholakala ukuthi isesimeni esikahle ngokwempilo yabe isiphuma esibhedlela.

"NgoLwesithathu ngaziswe ukuthi usekhaya lezingane," kuchaza uGumede.

" Ngivele ngadangala sengizwa ukuthi inqubo yokugcina ingane ibe ngeyami yinde njengoba mina nomndeni wami sizimisele ngokumnika ikhaya. Ngiyafisa ukube bekulula," usho njalo.

 - IVIDEO:

 - ISITHOMBE:

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Isangoma sase-KZN sisolwa ngokudlwengula

Emizuzwini eyi-17 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...