BUKA: Kutholakale uholokoqo lwemamba ngaphansi kukasofa emzini oseThekwini

2017-12-06 18:00

Durban - Sekuxwayiswe abantu ukuthi baqaphele njengoba ukuqala kukaDisemba kuya ekupheleni kukaFebhuwari kuyisikhathi lapho izinyoka zisuke zithe chithi saka eThekwini namaphethelo.

Lowo osebenza ngokubamba izinyoka, uJason Arnold, 39, utshele iNorthglen News ukuthi usethole izingcingo eziningi ezimbizela ezindaweni okusuke kubonakale kuzo izinyoka zohlobo lwebamba emnyama.

Le nyoka yiyona eyingozi okuzedlula zonke e-Afrika.

U-Arnold esigamekweni sakamuva ubizelwe emzini ose-Avoca, ngaphandle kweTheku, lapho ebambe khona imamba engu-2.2 wamamitha ubude.

Uthi kuleli sonto lilodwa usebambe izimamba ezinhlanu eVerulam, e-Avoca naseNanda.

OLUNYE UDABA: Kutholakale imamba enkulu eDurban North

Kulesi sigameko sakamuva u-Arnold ubonakala kwi-video ebamba imamba emzini okuColbeck Road. Kuthiwa le nyoka yanyenya yangena kulo muzi ingabonwa muntu, kanti ngenhlanhla inja yakhona iyibonile.

"Inja ibilokhu ikhonkothe njalo ibuka ngaphansi kukasofa kanti yilapho le mamba ebibhace khona," esho.

“Kusukela manje kuze kube yisekupheleni kukaFebhuwari, izimamba zizobonakala impela. Nginxusa izakhamuzi ukuthi zibe mehlomane uma zihamba ezindaweni ezinesikhotha, izingadi ezinezihlahla eziningi noma zingena emagumbini okugcinwa kuwo impahla."

VIDEO:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...