BUKA: Kuswelakale ozogadla kuqala phakathi kwelungu leDA nonogada wamaGupta

2017-04-04 16:02

Johannesburg – Umbhikisho obunokuthula ngaphandle kwesithabathaba somuzi womndeni ongomacaphunakusale, abakwaGupta, eSaxonwold, eGoli, uphenduke waba nokujikijelana ngamazwi ngoLwesibili ekuseni kulandela izinsolo zokuthi omunye wonogada usabise omunye wababhikishi – nokuyilungu le-DA eKurhuleni.

Lesi sigameko senzeke ngo-10:00 ekuseni, ngoLwesibili, ngemuva kokuthi iqeqebana labahlali liqhubeke nombhikisho onokuthula ngaphandle kwesithabathaba somuzi wabakwaGupta.

Ilungu lekhokhasi yeDA, uGhaleb Cachalia, utshele iNews24 ukuthi unqume ukuthi ayokweseka laba besifazane ngemuva kokuthi aziswe ngombhikisho wabo.

Uthi upake imoto yakhe maqede wabingelela omunye wababhikishi, amaziyo. Uthi izimoto bezilokhu ziphuma, zingena kule ndawo, okubalwa kuzo nemoto enkulu emnyama yohlobo lweRange Rover.

OLUNYE UDABA: I-ANC ePhalamende akumele ilinde amaqembu aphikisayo ukugudluza uZuma

Uqhuba uthi ube eseqaphela omunye wonogada ebashaya ngehlo, nokuyilapho ebe esenquma khona ukuthi asondele kuyena ukuze aqede lo moya omubi obusudalekile.

“Ngemuva kokuthi ‘sawubona, unjani?’, ungitshele ukuthi ngingabe ngisasondela, maqede waphuthaza isibhamu sakhe.”

Omunye wababhikishi, othathe le video, wacela ukuba angadalulwa, uthi unogada wakwaGupta ubelokhu esebenzisa izindlela zokusabisa nakubona.

La babhikishi bathi “bayizakhamuzi ezikhathazekile” ebezibhikisha ngemibiko yokulawulwa koMbuso kulandela isinqumo sikaMengameli Jacob Zuma sokuhlela kabusha iKhabhinethi.

Ngempelasonto kusabalale imibiko ethi lo mndeni wakwaGupta uqinise ezokuphepha ngonogada abangeziwe emzini wabo kulandela isinqumo sikaMengameli Zuma sokuhlela kabusha iKhabhinethi kanye nokukhathazeka ngezinsolo zokuthi bukhulu ubudlelwano onabo noZuma. 

Zibonele i-video yalesi sigameko

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...