BUKA: Kushaqeke abaningi ngale video yokubulawa komuntu eGoli

2018-01-19 15:59

eThekwini - Isisabalele ezinkundleni zokuxhumana ivideo ebonisa owesilisa edubula omunye phakathi kwequlu labantu.

Ngokwemibiko evelayo, kuthiwa bekubanjwa inkunzi ngasePark Station eGoli ngesikhathi kwenzeka lokhu.

Iqulu lezigebengu bezigijimisa izithandani kudutshulwa, laba bebelandelwa ngabantu abebefuna ukubona okwenzekayo.

Kuleli qulu ebelilandela, bekukhona nesigebengu esisale ngemuva kulaba abebejahwa.

OLUNYE UDABA:Ziboshiwe izigebengu ezivaleleke endlini zisantshontsha

Le video ibonisa iqulu labesilisa lilunguza ekhoneni lifuna ukubona okwenzekayo.

Kuqhamuke nosewilisa egqoke isikibha esimhlophe kanye nesigqoko esi-blue ekhokha isibhamu wase edubula oyedwa walabo ababukayo ngaphambi kokubaleka.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...