BUKA: Kuqubuke udlame ejele laseBoksburg iziboshwa zikhala ngempatho

2017-09-13 12:31

Boksburg - Kuqubuke impi phakathi kweziboshwa zaseBoksburg eKurhuleni kanye nojele nokuholelele ekulimaleni kwabanye.

Impi iqale ngesikhathi iziboshwa zifaka izikhalazo ngendlela eziphatheke ngayo kuleli jele.

Iziboshwa bezinqaba ukubuyela emaseleni ngemuva kokufaka uhlu lwezikhalazo zabo.

Yize iziphathimandle zejele zithi akubanga khona udlame olubhekiswe eziboshwe, imindeni yeziboshwa ithi lokhu akulona iqiniso.

OLUNYE UDABA:Kushaqwe imali, izikhali nezidakamizwa kuseshwa iziboshwa ejele

UThandi Mahlangu,56, ongumama wesinye seziboshwa ubekhala mi izinyembezi ekhuluma nabe-Daily Sun ethi indodana yakhe ishaywe yaze yaqulela.

"Ngifuna ubulungiswa ngokwenzeke enganeni yami. Bacishe bangibulalela ingane njengoba isale inemithungo engu-11 ekhanda. Noma ngabe usejele lokho okusho ukuthi kumele bamphathise okwesilwane.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...