BUKA: Kuqhuma iqupha phambi kwesitolo sakwaSpar

2017-05-11 07:01

Johannesburg - Kubenesiphithiphithi phambi kwesitolo sakwaSuperspar, eWestend, eMpumalanga ngesikhathi amadoda amabili efinyisana igazi.

La madoda alanyulwe abantu abebekhona endaweni, kubika iLowvelder.

I-video yesigameko isabalale ezinkundleni zokuxhumana kanti imbangela yempi ayicaci njengoba kule video kubonakale enye indoda iqumba phansi nye. 

Imenenja yakwaSuperSpar waseWestend u-Andre Willcock ithe: "Kulwe amakhasimende amabili phambi komnyango wesitolo. Izimenenja ezimbili ebezisebenza ngaleso sikhathi zikwazile ukulamula, zisizwa amakhasimende.

"Enye yala madoda ikwazile ukuhamba endaweni yesigameko iphelezelwa unogada wendawo. Le enye ibe isisizwa yizimenenja kepha yaveza ukuthi ayinankinga yabe isiyahamba, kanti ibilimele ekhanda."

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa uCaptain Dawie Pretorius uthe alikho icala elivuliwe esiteshini mayelana nalesi sigameko.

 - VIDEO:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-18°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Cool. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-24°C Sunny. Mild. PE: 12-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...