BUKA: Kumangale abantu imoto emaboqoboqo ihamba ku-freeway kuleli

2017-06-30 14:01

Cape Town – I-Video ethathwe ngomakhalekhukhwini emgwaqeni onguthelewayeka eNingizimu Afrika ikhombisa imoto yohlobo lweToyota Corolla ebimaboqoboqo ihamba emgwqeni.

Abe-Arrive Alive babelane ngale video ebifakwe ekhasini lakuFacebook le-South Africa Exposed nalapho kubonakala khona umshayeli wale moto eyishaya izula khona injalo kusengathi akonakele lutho.

OLUNYE UDABA:BUKA: Owesilisa ushayiswe yibhasi, wavuka wangena ejoyintini

UJohan Jonck, we-Arrive Alive, uthi ibathuse kabi indaba yokubonakala kwale moto esesimweni esinje emgwaqeni wathi kodwa bebevele bazi kahle ukuthi uma babelana ngale video ezinkundleni zokuxhumana kukhona abazobagxeka kakhulu ngokuthi abayibhekisisanga indaba yokuthi akukho emthethweni ukuqopha i-video ekubeni ushayela.

“Ukuba sesimweni somgwaqo kwezimoto kuyinkinga enkulu futhi eyingozi ekuphepheni kwabo bonke abantu abasebenzisa umgwaqo – futhi yinto okungabhekwana nayo kuphela ngamaphoyisa omgwaqo asebenzayo futhi abonakalayo,” kusho uJonck.

Uthi kuyaxaka ukuthi umuntu angacabanga kanjani ukuthi aze angene nokungena emgwaqeni ngemoto ekulesi simo.

Zibonele le moto eshiye abantu bebambe ongezansi emgwaqeni lapha:

Vehicle Maintenance and Repair - What do we need to Check? https://t.co/MXeAvDJ26Z #ArriveAlive @Wheels24 pic.twitter.com/eDaqvtrzCE

- Wheels24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...