BUKA: Kulimale ujele nesiboshwa, iziboshwa zivuke indlobane

2017-07-03 17:58

Pretoria – UMnyango wezamaJele uthi  kulimale ujele oyedwa kanye nesiboshwa ngesikhathi kuqubuka udlame ejele iKgosi Mampuru II.

Okhulumela lo mnyango uLogan Maistry ngoMsombuluko uthi ojele bebezama ukudambisa isimo ngesikhathi kulimala oyedwa wabo, kodwa bagcine bekwazile ukuzinqoba iziboshwa.

"Lezi ziboshwa zicelwe izikhathi ezimbalwa ukuba zibuyele ezitokisini, kodwa zanqaba ukwenzenjalo. Zithe zisuka zahlasela ojele nokuyilapho kulimale khona ujele oyedwa kanye nesiboshwa,"kusho uMaistry.

OLUNYE UDABA:Zikhala ngesixiwawa iziboshwa ezisejele eliseVryheid

UMaistry uthi ojele basebenze ngokwemigomo ababekelwe yona ukuqeda udlame ngaphandle kokuhlasela iziboshwa ngendluzula.

Usho lokhu, yize sekuputshuke ivideo ebonisa ojele behudula iziboshwa beyozifaka emaseleni. kwesinye isigameko kubonakala ezinye iziboshwa zizama ukudonsa uzakwabo obetitinywa ojele.

Kuthiwa lezi ziboshwa, zikhala ngokugcwala kakhulu emaseleni, ukubambezeleka kwenqubo yokufaka izicelo zokudedelwa ngoshwele, ukudla okungenamsoco.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...