BUKA: Kulimale owesifazane imoto 'indiza' emoyeni

2017-09-11 13:59

Johannesburg - Usesimeni esibucayi owesifazane waseGauteng ngemuva kokuba imoto abehamba ngayo ivele yandiza emoyeni yayoshayisa udonga, kusho abosizo lokuqala ngoMsombuluko.

Le nhlekelele yengozi yenzeke kuRivonia Road eSandton ngeSonto ekuseni ngovivi. I-video eqophe isigameko itshengisa imoto okukholakala ukuthi ngeyohlobo lwe-Audi TT, ibihamba ngesivinini esiphezulu ngaphambi kokundiza emoyweni yayoshayisa ibhodi ngaphambi kokushayisa udonga.

Okhulumela abe-ER24 uRussel Meiring uchaze wathi abosizo lokuqala babikelwe ngesigameko ngezithuba zabo-05:15 ekuseni.

"Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko bafice imoto iseceleni kodonga. Owesifazane yena elele bude buduze ngemuva kwemoto. Abosizo lokuqala babe sebemuhlola bathola ukuthi uthole amanxeba amabi, esesimeni esibucayi."

Uxilongwe endaweni yesigameko wabe esephuthunyiswa esibhedlela iCharlotte Maxeke. Akucaci noma lo wesifazane oneminyaka ebalelwa kweko-20 ubudala, nguye yini obeshayela.

UMeiring uqinisekise ukuthi iziphathimandla zendawo zifike endaweni yesigameko ngemuva kwesikhathi zizophenya.


 - IVIDEO:

 - IOL Motoring

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...