BUKA: Kukhuzwa amanyala ngomdwebo omusha ongoMengameli Zuma noMandela

2017-04-20 17:59

Durban - Bakhuza amanyala abantu ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuvela komdwebo omusha ka-Ayanda Mabulu.

Lo mdwebi, owaduma ngokudweba uMengameli Jacob Zuma ngendlela enganambitheki, esithombeni sokugcina asidweba sasitshengisa uMengameli emunca isitho sangasese sezinye zezelamani zakwaGupta.

Kulokhu, uMabhulu udwebe uMengameli enza ucansi nalowo owayenguMengameli uNelson Mandela behleli esihlalweni.

Lo mdwebi uchaze umsebenzi wakhe njengomfanekiso wokuthi uZuma usedicilele phansi umlando omuhle kaMandela nokuyinto efana nokuthi uzenzela umathanda kuMandela uqobo lwakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...