BUKA: Kudutshulwe kwabulawa indoda 'kweyamaqembu ezigelekeqe'

2017-03-13 16:02

Cape Town – Umlisa oneminyaka engu-21 ubudala udutshulwe wabulawa eWorcester, eKapa, kusho amaphoyisa aseWestern Cape ngoMsombuluko.

Lesi sigameko sokubulala esenzeke ngo-11:00 ngeSonto, besihlobene namaqembu ezigelekeqe, uSergeant Julian Plaatjies usho kanjalo.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kuvalwe amabhishi kuhlasela amagagasi amakhulu eThekwini

Ngokwe-video yalesi sigameko, kubonakala indoda ehlomile isukela  enye indoda egqoke okuwumbala obumvu ngaphezulu nalapho bebegijimisana phakathi kwamabhilidi amafulethi.

Lo mlisa obephethe isibhamu udubula amahlandla amaningi nokuphethe ngokuthi isisulu siwe phansi phambi kwefulethi elisesitezi esiphansi.

Kube nobubhudubhudu kubaleka izingane kanye nabantu abadala kula mafulethini. Abanye abantu babonakala begijima bebheke esisulwini, ebesilele phezu kwegazi.

UPlaatjies akakwazanga ukukuqinisekisa ukuthi bakhona yini abantu asebeboshiwe ngalesi sigameko.

Zibonele i-video yalesi sigameko lapha:

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-23°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 8-19°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Decreasing cloudiness. Cool. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...