Buka: Kuboshwe ibhungu ngemuva kokushaya umshayeli

2017-11-14 19:30

Johannesburg - Liboshiwe ibhungu ebelihamba ngesithuthuthu elibonakala kwi-video ye-CCTV lihlasela umshayeli wemoto ngaphandle komuzi oseKelvin eGoli.

Lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko, ivideo yabe isisabalala ezinkundleni zokuxhumana.

Kule video, kufike kume eceleni imoto yohlobo lwe-Sedan emhlophe phambi komuzi. Kuthe ngemuva kwemizuzwana kwafika isithuthuthu, sama ngase sicabheni semoto. Laba bobabili babe sebekhuluma, ngokuphazima kweso owesithuthuthu ube eseshaya umshayeli wemoto ngaphambi kokuba ahambe.

Umsolwa ufunwe yinkampani yonogada ezimele ebiqashwe wumfowabo wesisli, waze watholakala.

Kunikelwe ngomsolwa emaphoyiseni ngoLwesibili ntambama.

Umsolwa, 17, ulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseWynberg ngoLwesithathu.

Ngokwenkampani yonogada i-ZSS umsolwa utholwe ekubo ngakhona endaweni okwenzeke kuyo isigameko. 

Okhulumela amaphoyisa aseSandton uCaptain Mohlaume Mamabolo, uqinisekise ukuboshwa komsolwa.

"Umsolwa uzothweswa icala lokushaya. Imbangela yesigameko ayikaziwa," kusho uMamabolo.

Umshayeli wemoto obonakala kwi-video akatholakalanga ephawula.

Ngokonogada be-ZSS, le ndoda ilimale ebusweni kanti ilulamela ekhaya.

 - IVIDEO:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...