BUKA: Kube umashiywa kugingqika iloli likabhiya eKapa

2017-11-29 14:01

Cape Town - Abathandi bophuzo oludakayo eKapa bebezitshela ukuthi uKhisimusi usheshe wafika kulo nyaka ngesikhathi kugingqika iloli lakwa-SA Breweries eWetton, eningizimu-mpumalanga nedolobha.

Izakhamuzi ezakhelene nendawo yesigameko ziphuthume zayozitapela utshwala kule loli, zibaleka namakesi kabhiya zaphinde zimema nabanye "kuleli dili".

Umgwaqo ubumanzi te kulandela ukuchitheka kukabhiya njengoba kuphihlike amabhodlela phansi ngesikhathi iloli ligingqika.

UMaxine Bezuidenhoudt okhulumela amaphoyisa omgwaqo eKapa, uthe ukucabanga ngokushesha komshayeli okunguye obizele onogada endaweni yesigameko yikho okwenze ukuthi angalahlekelwa yiyo yonke impahla.

Amaphoyisa abesendaweni yesigameko abike ukuthi besingesikhulu isiminyaminya emgwaqeni.

"Ekuseni ngoLwesithathu ngezithuba zabo-06:15 iloli yakwa-SAB igingqike kuWetton Circle. Ukuhamba kwezimoto akuphazamisekanga kakhulu. Lo mgwaqo uvalwe ngezithuba zabo-07:00," kusho uBezuidenhoudt.

"Ithimba elisebenza ngokukhuculula lifike ngabo-06:35 endaweni yeisgameko. Umgwaqo usuhlanzekile manje futhi sekuhambeka kahle."

Akekho olimalile.

 - Ivideo:

 - SowetanLive



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...