BUKA: Kube muncu isangoma silala nentombi ecushiwe

2017-05-05 19:27

Honeydew - Owesimame ubazi ukuthi umyeni wakhe umcuphilee ukuze kungabi bikho umuntu azolala naye.

Yize kunjalo, wathola isoka eliyisangoma elalizethemba lisho nokuthi amadlozi alo ngeke avume libhajwe kulo wesimame.

Ngesikhathi umyeni walo wesimame, osebenza njengonogada esemsebenzini ebusuku, lo wesimame wabiza leli soka lakhe ukuba bezozitika ngocansi.

Ubumnandi bokuba ndawonye basheshe baphela ngesikhathi isangoma sibhajwa phakathi kulo wesimame.

Ozibonele ngawakhe uNolwazi Sonje, 29, uthe lezi zithandani ziqale ukuba nenkinga ebusuku ngoLwesithathu ngo-9.

“Indoda ibisemsebenzini ngesikhathi lo wesimame ebiza isoka lakhe. Bakhona omakhelwane abazame ukubahlukanisa kodwa bahluleka,” kuchaza uSonje.

Kuze kwasa ekuseni laba besahlangene ngezitho zangasese.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa isangoma esisolwa ngokudlwengula isiguli

Ngesikhathi ifika indoda, itshele amaphoyisa kanye nezihlobo ukuthi ifuna imali engango-R70 000 kulaba bobabili ukuze ibahlukanise.

Abephephandaba iDaily Sun bakhulume nesinye isangoma esithe akukho okungenziwa ngaphandle kokuthi kungenelele umyeni walo wesimame.

Buka i-video ngezansi:

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...