BUKA: Kubatshazwa izigemegeme zesishingishane, uDineo, kuTwitter

2017-02-17 09:31

Johannesburg – Abantu abawuvali umlomo ngezigemegeme kanye nomonakalo odalwe yisishingishane obekulokhu kubikezelwa ngaso, uDineo, nokubuye kwavela ukuthi angeke sisaba namandla obekukade kuqagulwe ukuthi sizoba nawo ngaphambilini.

Lesi sishingishane sihlasele ezingxenyeni ezithize zaseNingizimu Afrika ngoLwesine ebusuku kanye nangoLwesihlanu ekuseni.

OLUNYE UDABA: BUKA: Sifike kwezwakala isishingishane eMozambique, iKZN imincile

Izingxenye ezithize zeLimpompo, iMpumalanga kanye neKwaZulu Natali kulindeleke ukuba zihlaselwe yisiphepho kanye nemvula ngenxa yalesi sishingishane esesitheneke amandla.

Izangoma zezulu, abakwaSA Weather Service, sebexwayise ngomoya onesivinini esiphezulu kanye nemvula enamandla ngempelasonto, “nokuzoba nengozi enkulu”.

Kusenjalo, uDineo kubikwa ukuthi ukhahlameze izindlu ezibalelwa ku-20 000 kanti babalelwa ku-130 000 abantu okubikwe ukuthi basale dengwane ngesikhathi lesi sishingishane sigadla eMozambique.

Abantu abahlala ezindaweni ezithikamezekile babe sebenikela enkundleni yezokuxhumana, bebabaza ezinye zezigameko abazibonile.

Zibonele eminye yemifanekiso lapha:

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C Morning clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...