BUKA: Kubanjwe umshayeli wetekisi elayishe bantu abangu-32

2017-06-19 18:01

Cape Town - Umshayeli ongenazo izincwadi zokushayela uboshelwe itekisi yakhe elayisha abantu abangu-14 kuphela eBelhar ngesonto eledlule ngemuva kokubanjwa elayishe abantu abangu-32 kuyo kanti iningi labo belimile.

Amaphoyisa abeqhuba umsebenzi wawo ezimpambanweni zomgwaqo uChestnut Way no-Erica Drive ngoLwesine abone lo mshayeli "ephula imithetho eminingi yomgwaqo" amumisa, kusho abedolobha laseKapa ngoMsombuluko.

Ngaphezu kokulayisha ngokweqile, kuqinisekiswe ukuthi akanazo izincwadi zokushayela.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe amakhulu amatekisi angekho esimweni sokusebenza eSoweto

Itekisi libe seliboshwa kanjalo nomshayeli.

UJP Smith oyiLungu leKomidi lezokuPhepha eKapa uchaze isigameko njengesishaqisayo.

"Nakuba ngiqonda ingcindezi ekhona ezintweni zokuhamba umphakathi, nakubantu abathembele kuzo ukufinyelela emsebenzini, asikho nje isizathu sokuziphatha ngalolu hlobo. Ngiyesaba nokucabanga okungase kwenzeke uma le moto ingaba sengozini," esho.

Ube esenxusa abagibeli ukuba babhekisise ukulayishwa ngokweqile ezimotweni ngezizathu zokuphepha.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...