BUKA: Konke okwenzekile kubanjwa inkunzi imoto yemali

2017-07-27 07:08

Durban - Umshayeli obone konke kwenzeka uqophe i-video etshengisa konke okwenzekile ngesikhathi kugetshengwa imoto yemali ku-N4.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesibili eMpumangala kanti singesesithathu ukwenzeka kulesi sifundazwe ezinsukwini ezimbili.

NgoMsombuluko amaphoyisa aseMpumalanga aphuma umkhankaso wokuthungatha abasolwa abangaziwa ngemuva kokugetshengwa kwemoto yakwa-SBV phakathi kwaseSabie naseLydenburg.

OLUNYE UDABA:Kulimale nabantu abebebuka ngesikhathi kugetshengwa imoto yemali

Ngokwemibiko yamaphoyisa le moto yayilibangise eLydeburg isuka eMbombela ngesikhathi ivinjezelwa abasolwa ababehamba ngeMercedes Benz.

Umshayeli we-SBV uhlulekile ukuyilawula imoto yagingqika nokuyilapho abasolwa bephuthume bayoyiqhumisa babaleka nesamba semali engaziwa.

NgoLwesibili, kugetshengwe imoto yakwaFedility emgwaqeni uN4.

Nakulesi sigameko kuqhunyiswe le moto yemali. Amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko kanti akukaboshwa muntu okwamanje.

Kulokhu umshayeli obone konke okwenzekile uqophe nansi i-video:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...