BUKA: Izigebengu zeba amabhodlela kagologo obizayo eThekwini

2017-09-15 18:00

Durban – Amaphoyisa aphenya isigameko sokugqekezwa kwesitolo ngemuva kokuba izigebengu zigqekeze esitolo esidayisa utshwala zeba izinhlobonhlobo zotshwala obubizayo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane ngoLwesihlanu, uthe iqulu lamadoda angaziwa ligqekeze ebhodlela sitolo esiseVirginia izolo (ngoLwesine) ekuseni ngovivi.

OLUNYE UDABA:Kugqekezwe esobucwebe eGoli

"Aphahlaze isicabha ngesando athatha utshwala obuhlukene. Abaleke endaweni yesigameko ngemoto. Uphenyo luyaqhubeka."

Kusabalale i-video yesigameko ezinkundleni zokuxhumana namuhla (ngoLwesihlanu). Le video itshengisa amadoda ayisithupha, eyodwa yawo ibonakala ihlomile, eba utshwala.

Buka i-video ngezansi:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...