BUKA: Isoka liphoxe intombi icela umendo eMall

2018-01-16 19:52

eThekwini - Ayikho into ebuhlungu njengokuphexeka phambi kwabantu, uphoxwa ngumuntu omthandayo.

Akekho okwazi kangcono lokhu njengentokazi yaseNigeria ezame ukucela umendo esokeni lakhe.

Ngokubika kwephephandaba i-Nigerian Eye, lokhu kwenzeke enxanxatheleni yezitolo iCity Mall eLagos.

Ivideo yakho konke okwenzekile isisabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Kule video kubonakala lo wesimame eguqe ngedolo ecela umendo esokeni lakhe elehla ngama-escalator.

OLUNYE UDABA:Ushonile oshiswe uyise wesesheli ngoba enqaba isicelo

Lo mlisa uvele washaqeka ebona lentombi, wanqaba kwaleso sicelo. Lo mlisa usondele kule ntombi wayiphakamisa ngaphambi kokushwashwada okuthile emadlebeni ayo wase eyishiya khona lapho.

Le ntokazi ikhale yazithulisa isisile yodwa, ichazela abantu ngokwenzekile.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...