BUKA: Isiboshwa sibala imali ngaphakathi ejele

2017-11-10 18:00

Cape Town - I-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana, itshengisa isiboshwa sibala imali singaphakathi ejele, isishiye abaningi bemangele.

UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo utshele iNews24 ukuthi "ukhathazekile" ngale video ezungezayo.

"Ngidla imali mfowethu, angidlali," kusho lesi siboshwa sitshela esinye, ngesikhathi sibala imali engu-R2 700. 

"Le video itshengisa ukwephulwa kwemithetho yezokuphepha kanye nomgomo woMnyamgo wokuthi iziboshwa akumele ziphathe imali ngaphakathi ejele," kusho u-Ofentse Morwane, ongumxhumanisi eGauteng etshela iNews24.    

OLUNYE UDABA: Isiboshwa sisolwa ngokudlwengula umkaso esivakashele ejele

UMorwane uthe uphenyo lokuqala lutshengise ukuthi lesi siboshwa sidonsa isigwebo eKgosi Mampuru II Central Correctional Centre, eTshwane.

"Lesi siboshwa siyaziwa, kanti kumanje uphenyo luyaqhubeka.

"Kumele kulandelwe imigudu yangaphakathi kuthathelwe iziboshwa kanye nojele abathintekayo izinyathelo," esho.

Buka nansi i-video ngezansi:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...