BUKA: 'Isela' liphoqwa ukuba lizimbele ithuna lalo

2017-03-28 14:01

Johannesburg - Isihluku indoda esolwa ngobugebengu ivele ngekhanda emgodini ishaywa ngefosholo ekhanda.

Izakhamuzi zaseDwarsloop, eBushbuckridge, eMpumalanga, zizibambele umthetho ngezandla ngoMsombuluko zasabisa indoda ngokuyigqiba iphila.

UTumelo Dibaklwane okunguye oqophe le video etshengisa le ndoda ihlaselwa uthe amaphoyisa afike ngesikhathi esikahle ukuzoyihlenga njengoba iqulu labantu beselizimisele ngokuyibhunyela ngophethililo ziyishise iphila.

Le ndoda kusolwa ukuthi isibanjwe yatalajwa kabili yizakhamuzi ezinyangeni ezintathu ezedlule ngemuva kokuyisola ngokugqekeza emizini yabantu.

"Izakhamuzi sezike zayibamba ngaphambilini kodwa kulokhu zithe zikhathele ukuyishaya," kusho uDibakwane etshela abezindaba iTMG Digital ngoLwesibili.

Le ndoda ilashwa esibhedlela. UDibakwane uthe ibisichithe isikhathi esingangehora isemgodini ebiphoqwe ukuba izimbele wona ibe ithelwa ngesibhaxu.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uSergeant Gerald Sedibe uthe: "Alikho icala elivuliwe. Isisulu asifunanga ukuvula icala. Siphuthunyiswe esibhedlela siyokwelashwa."

Amaphoyisa asigxekile isenzo somphakathi sokuzithathela umthetho ezandleni ase ewunxusa ukuba alandele imigudu efanelekile uma kukhona osolwa ngobugebengu.

I-VIDEO: 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...