BUKA: Iphoyisa lishaya umshayeli liphindelela

2017-09-15 16:01

Johannesburg - Kuzungeza i-video ezinkundleni zokuxhumana etshengisa iphoyisa lomgwaqo lishaya owesifazane ezimpambanweni zomgwaqo eGermiston, kanti abantu bathi kufanele 'lifakwe endleleni'.

Kule video, kubukeka sengathi leli phoyisa limise umshayeli eceleni kwabe sekuqubuka ingxabano.

Lo wesifazane uzwakala ebuza iphoyisa ukuthi "uthintwe ngubani wena?", ngaphambi kokuba libeke phansi ifayela ebeliyibambile labe selibhaxa lo wesifazane.

Ngokusho kowamaphoyisa omgwaqo, uWilfred Kgasagothe, ingxabano iqale ngemuva kokuba lo wesifazane enqabe ukunikeza iphoyisa imininingwane yakhe kulandela ukumiswa eceleni.

"Iphoyisa lithi lihlaselwe ngowesifazane kuqala ngaphambi kokuba kuqoshwe isigameko. Livulele lo wesifazane icala, nalo wesifazane wavulela leli phoyisa icala ngosuku olulandelayo.

"Leli phoyisa selithathe ikhefu emsebenzini kodwa udaba lwalo luyaphenywa.

"Angikwazi ukuqinisekisa ukuthi leli phoyisa lizobuya nini emsebenzini," kusho uKgasago etshela abezindaba ze-eNCA.

 - IVIDEO:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...