BUKA: Iphoyisa lilungisa inkinga ye-DStv emsebenzini, liziba amalungu omphakathi

2017-10-04 14:01

Johannesburg - Lingase lingene enkingeni iphoyisa elilibale ukulungisa inkinga ye-DStv yalo esikhundleni sokuba lisize ilungu lomphakathi ebelifike esiteshini samaphoyisa.

Amaphoyisa aseGauteng aseqalise uphenyo kulandela ukuthi leli phoyisa libonakale kwi-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana lishaya indiva ilungu lomphakathi, liqhubeka nokulungisa inkinga ekhona nge-DStv yalo.

Kule video, ethathwe eBuccleuch engaphansi kweSandton, eGoli, itshengisa leli phoyisa lingenandaba nophambi kwalo, limatasa likhuluma ocingweni lilungisa i-akhawunti yalo yakwaMultiChoice.

Leli phoyisa lizwakala lifundela lo muntu elikhuluma naye ocingweni izinombolo ze-akhawunti ngenhloso yokuthola usizo.

"Yebo, ngifuna ixhunywe ngoba inginikeza inkinga. Nithatha imali yami ekubeni le nto ingasebenzi," kusho leli phoyisa.

Buka nansi i-video ngezansi:


Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uBrigadier Mathapelo Peters, uthe ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMajor-General Nombhuruza Napo uyazi ngale video futhi uzwakalise ukukhathazeka.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...