BUKA: Iphoyisa lihuqa ubuthongo emsebenzini

2017-10-04 19:32

Johannesburg - Kuzungeza i-video yephoyisa elihuqa ubuthongo emsebenzini ezinkundleni zokuxhumana.

Iphoyisa, ebekumele ngabe belisebenza, libonakala lilele ubuthongo esihlwalweni kodwa abantu bemile belinde ukuthola usizo esiteshini samaphoyisa.

Abanye abantu ebebebambe ulayini belinde ukuthola usizo bezwakala bethi ‘‘lidakiwe leli phoyisa.’’

OLUNYE UDABA: Kudubuleke ikhehla lashona liyohola impesheni

Kodwa iphoyisa likushaya indiva konke lokho abakushoyo, njengoba liqhubeka nokuhuqa ubuthongo.

Okwamanje akucaci ukuthi le video ithathwe kusiphi isiteshi samaphoyisa.

Buka i-video ngezansi:

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...