BUKA: Indoda ifutha inyama eyidayisayo ngeDoom

2017-08-24 19:27

Durban - Sekubonakale ivideo yomuntu odayisa emgwaqeni efutha inyama eluhlaza ngomuthi wokubulala izinambuzane, iDoom, kuVictoria Street, eThekwini, kubika iNorthern Natal Courier.

Lo mdayisi, itafula lakhe elingaphandle kwesitolo iPick 'n Win, ngaphesheya kwerenki yamatesiki, ubonakala efutha inyama ngeDoom ngenhloso yokuxosha izimpukane.

Inyama, engamboziwe ebekwe etafuleni, idayiselwa abantu abadlulayo emgwaqeni.

Abantu endaweni, bathe sekuphele unyaka le ndoda idayisa inyama kule ndawo.

Abephephandaba sebexhumane naboMnyango wezokuThutha okuwumsebenzi wayo ukubheka okuqhubeka emgwaqeni.

UMnyango wezeMpilo nawo ubusubikelwe ngalolu daba.

 - IVIDEO:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...